Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula mkristu. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula mkristu. Bonisa konke okuthunyelwe

2/21/2018

Impilo Yethu Ayilona Ize

Impilo yethu ayilona ize. Impilo yethu ayilona ize.

I
Namuhla sihlangana noNkulunkulu, sizwe umsebenzi Wakhe.

Simazile uNkulunkulu esenyameni, engokoqobo engowempela.
Siwubonile umsebenzi wakhe, umkhulu futhi umangalisa.
Usuku nosuku empilweni yethu aluyilo ize.
Siqinisa uKristu njengeqiniso nokuphila!

11/24/2017

Ukububula KukaMninimandla Onke

         Kunemfihlo enkulukazi enhliziyweni yakho. Awazi ukuthi ikhona ngoba kade uphila ezweni elingenakho ukukhanya. Inhliziyo nomoya wakho kuthathwe ngomubi. Amehlo akho agutshuzelwe ubumnyama; awuliboni ilanga esibhakabhakeni, noma inkanyezi ekhazimulayo ebusuku. Izindlebe zakho zivimbekile ngamazwi akhohlisayo futhi awulizwa iphimbo likaJehova elindindizelayo, noma umsindo wamanzi ageleza evela esihlalweni sobukhosi. Usulahlekelwe yikho konke obekumele kube ngokwakho kanye nakho konke uSomandla abekuphe kona. Usungene olwandle lomunyu olungenamkhawulo, kungekho namandla okuhlengwa, kungenathemba lokusinda, kusele kuphela ukuzabalaza nokutatazela.