Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula uKristu. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula uKristu. Bonisa konke okuthunyelwe

10/21/2019

Indlela… (7)

uNkulunkulu,UMoya oNgcwele,uKristu

Sonke siyabona ngalokho esibhekana nakho ukuthi sekukaningi uNkulunkulu esivulela indlela ngokwakhe uqobo ukuze sihambe endleleni eqondile, nengeyeqiniso. Lokhu kudalwa ukuthi le ndlela ngesiyivulelwe uNkulunkulu kusukela ekuqaleni futhi yadluliselwa esizukulwaneni sethu emuva kweminyaka yamashumi ezinkulungwane.

8/10/2019

Kuyini ukulandela umuntu?


Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Abanye abantu abajatshuliswa iqiniso, abajatshuliswa nakakhulu ukwahlulelwa. Kunalokho, bajatshuliswa ukuba namandla nengcebo; abantu abanjalo bathathwa njengabathanda ubukhulu.

7/11/2019

Kuyini Ukwahlulela?

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile::

Umsebenzi wokwahlulela ngokaNkulunkulu uqobo, ngakho ngokwemvelo wenziwa nguNkulunkulu uqobo; ungenziwe umuntu esikhundleni Sakhe.

4/19/2019

New South African Gospel Song "UnguNkulunkulu Wethu" (English Dubbed)



New South African Gospel Song "UnguNkulunkulu Wethu" (English Dubbed)

Akekho ngaphandle Kwakhe owazi esikucabangayo.
Akekho omunye owazi ingqikithi nemvelo yethu njengentende yesandla sakhe.Akekho omunye owazi ingqikithi nemvelo yethu njengentende yesandla sakhe.

4/05/2019

Umsuka Nentuthuko YeBandla LikaNkulunkulu USomandla

ENkathini Yomusa, iNkosi uJesu yathembisa abalandeli Bayo, “Ngiyonilungisela indawo. Futhi uma ngihamba ngiyonilungisela indawo, ngizophinde ngibuye, futhi nginamukele kimi; ukuze lapho ngikhona, nibe khona nani.” (Johane 14:3) Waphinda waprofetha, “Njengombani ovela empumalanga okhanya ngisho nasentshonalanga, kuzoba njalo nokuza kweNdodana yomuntu” (Mathewu 24:27).

3/28/2019

EZwini LikaNkulunkulu USomandla, Ngithole Indlela Yami Yempilo

UNovo ePhillippines

Igama lami nginguNovo, ngingumFiliphi. Kusela ngisemncane, ngangikholwa uNkulunkulu nomama wami. Ngangiya enkonzweni nabafowethu nodadewethu siyolalela izintshumayelo. Nakuba ngangikholwa yiNkosi iminyaka eminingi, ngangizizwa sengathi angikholwa.

3/07/2019

UJesu Udla Isinkwa Futhi Uchaza Imibhalo Emva Kokuvuka Kwakhe

(Luka 24:30-32) Kwathi ehleli nabo esidlweni, wathatha isinkwa, wathandaza wasibonga, wase esihlephula, wabanika. Futhi amehlo abo avuleka, base bemazi; wayesenyamalala kubona. Base bethi omunye komunye, Izinhliziyo zethu bezingavuthi yini phakathi kwethu, ngenkathi ekhuluma kithi endleleni, nalapho esicacisela imibhalo na?

3/06/2019

Amazwi kaJesu Kubafundi Bakhe Emva Kokuvuka

(Joh 20:26-29) Emva futhi kwezinsuku eziyisishiyagalombili, abafundi bakhe babesendlini, noTomase enabo: uJesu wafika, iminyango ivaliwe, futhi wema phakathi kwabo, wabe esethi, Ukuthula makube kini.

1/12/2019

Ukwethembisa Ukuphila Kwami Ekuzinikeleni

uKristu,Ubufakazi,insindiso


UZhou Xuan    Esifundazweni SaseShandong 

Ngo-Aphreli 3, 2003, ngahamba nodadewethu ngayovakashela ikholwa elisha. Leli kholwa elisha lalingakazinzi eqinisweni futhi lagcina ngokusimpimpa. Ngenxa yalokho, kwafika amaphoyisa amane amabi ayengagqokile inyufomu futhi aphoqa ngonya ababili bethu ukuba bangene emotweni yawo ase esithatha asiyisa esiteshini samaphoyisa.

10/19/2018

53. Yini Ngempela Ukwamukela Iqiniso?

UXiaohe    eDolobheni lasePuyang, esiFundazweni saseHenan

Esikhathini esidlulile, njalo uma ngifunda amazwi ambulwe nguNkulunkulu mayelana nokuthi abantu abemukeli kanjani iqiniso, ngangingakholwa ukuthi lawo mazwi abhekiswe nakimina.

10/14/2018

Angikulungele Ukubona UKristu

UHuanbao Edolobheni laseDalian, Esifundazweni saseLiaoning

Kusukela ngiqala ukukholwa kuNkulunkulu uSomandla, selokhu ngangibancoma kakhulu abafowethu nodadewethu abakwazi ukwamukela inkonzo yomuntu siqu noKristu, abakwazi ukuzwa izintshumayelo Zakhe ezindlebeni zabo.

9/16/2018

Izwi Leshumi

Akufanele wesabe lokhu nalokhuya. Kungakhathaleki ukuthi bungaki ubunzima nezingozi obhekene nakho, uyohlala uqinile phambi Kwami; ungavinjwa yilutho, ukuze intando Yami yenziwe.

9/11/2018

Ngathola Ukukhanya Kweqiniso

UQiuhe  eJapan

Ngazalelwa emndenini wamaKhatholika. Kusukela ebuncaneni bami, bengihamba Imisa esontweni nomkhulu nogogo. Ngenxa yomthelela wendawo yangakithi nokukholwa kwami uNkulunkulu, ngifundile ukusho amavesi amaningi nokwenza imikhuba ehlukahlukene.

9/09/2018

8. Kuqondwa kanjani ukuthi uKristu uyiqiniso, indlela nempilo?

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

Ekuqaleni kwakukhona uLizwi, uLizwi wayenoNkulunkulu, futhi uLizwi wayenguNkulunkulu. Yena lowo ekuqaleni wayenoNkulunkulu” (Johane 1:1-2).

9/03/2018

New South African Gospel Song "Ingqikithi KaKristu Inqunywa Ngumsebenzi Namazwi Akhe"




 New South African Gospel Song "Ingqikithi KaKristu Inqunywa Ngumsebenzi Namazwi Akhe"

Ingqikithi kaKristu inqunywa ngumsebenzi namazwi akhe
Ngenhliziyo eneqiniso, uqeda lokho akunikiwe,
ukhonza uNkulunkulu osezulwini futhi afune intando kaYise.

8/16/2018

South african gospel music "Sithandwa Sami, Ngicela Ungilinde" Thanda uNkulunkulu Impilo Yami Yonke



South african gospel music "Sithandwa Sami, Ngicela Ungilinde" Thanda uNkulunkulu Impilo Yami Yonke
I
Ngaphezu kwezihlahla, kweqe inyanga enokuthula. Njengesithandwa sami, esilungile nesihle.
O sithandwa sami, uKuphi? Manje ngiyakhala. Uyakuzwa ukukhala kwami?
Nguwe onginika uthando. Uwena ongikhathalelayo.
Uwena ohlale ucabanga ngami njalo. Uwena onakekela ngesisa impilo yami.

7/26/2018

New South African Gospel Song "Umsebenzi Wenyama NoMoya Kungokwengqikithi Efanayo"




New South African Gospel Song “Umsebenzi Wenyama NoMoya Kungokwengqikithi Efanayo”

UMoya kaNkulunkulu uphethe igunya phezu kwayo yonke into.
Inyama Yakhe nengqikithi Yakhe, amandla kusafana.
UNkulunkulu osenyameni usengenza imisebenzi Yakhe eminingi okufanele ayenze.
Wenza nje intando kaYise.

5/22/2018

Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu

yazi uNkulunkulu,umsebenzi kaNkulunkulu


Umsebenzi wokuphatha isintu uhlukaniswe waba izigaba ezintathu, okusho ukuthi umsebenzi wokusindisa isintu uhlukaniswe waba izigaba ezintathu. Lezi zigaba ezintathu azihlanganisi umsebenzi wokudala umhlaba, kodwa kunalokho izigaba ezintathu zeNkathi Yomthetho, iNkathi Yomusa, kanye neNkathi Yombuso.

5/20/2018

UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Komuntu

Kusuka ngomzuzu ufika ukhala kulo mhlaba uqala ukuwenza umsebenzi wakho . Uqala ukubamba iqhaza lakho ohlelweni nasogcotshweni lukaNkulunkulu. Uqala uhambo lokuphila. Akukhathaliseki ukuthi usuka kuphi nokuthi uhlalelwe yiluphi uhambo, akekho ongaphunyukwa uhlelo olubekwe yiZulu, futhi akekho olawula isiphetho sakhe, yilowo obusa zonke izinto kuphela ongakwazi ukwenza lowo msebenzi. Kusukela ngosuku umuntu aba khona ngalo, uNkulunkulu yilokhu eme waqina emsebenzini Wakhe, ephethe indawo yonke futhi elawula ukuguquka nokunyakaza kwayo yonke.

5/11/2018

Umbuso Weminyaka Eyinkulungwane Usufikile

       Nibonile yini ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu uzofezani kuleli qembu labantu? UNkulunkulu uthe, ngisho eMbusweni Weminyaka Eyinkulungwane abantu kusazodingeka ukuthi baqhubeke balandele amazwi Akhe, futhi kusasa la mazwi kaNkulunkulu azoqondisa ukuphila kwabantu ezweni elihle laseKhanani. Lapho uMose esehlane, uNkulunkulu wamfundisa futhi wakhuluma naye ngokuqondile.