UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto (II)
Masiqhubekeni nesihloko sengxoxo sangesikhathi esidlule. Ningasikhumbula isihloko esasikhulume ngaso ngesikhathi esidlule? (UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto.) Ngabe isihloko esithi “UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto,” yisihloko esizwakala sikude kakhulu nani? Ninakho ukusiqonda ezingeni elikha phezulu? Ukhona ongangitshela iphuzu elisemqoka lalesi sihloko esikhulume ngaso ngesikhathi esidlule? (Ngokudala kukaNkulunkulu zonke izinto, ngiyabona ukuthi uNkulunkulu unakekela zonke izinto futhi anakekele nesintu.