Rvelation12:10 Ngase ngizwa izwi elikhulu ezulwini, lithi: “Kalokhu insindiso namandla nobukhosi ngokukaNkulunkulu wethu, nombuso ngokaKristu wakhe, ngokuba uphonswe phansi ummangaleli wabazalwane bethu obamangalelayo phambi kukaNkulunkulu wethu imini nobusuku. (IsiZulu 1959/1997)
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula UMoya Ongcwele. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula UMoya Ongcwele. Bonisa konke okuthunyelwe
10/25/2019
Umsebenzi kaMoya oNgcwele Nomsebenzi kaSathane
Ukuqonda kanjani okuyisisekelo ngokomoya? Ingabe uMoya oNgcwele usebenza kanjani kumuntu? Ingabe uSathane usebenza kanjani kumuntu? Ingabe imimoya emibi isebenza kanjani kumuntu? Futhi ziyini izibonakaliso zalo msebenzi? Uma kwenzeka okuthile kuwena, ingabe kuqhamuka kuMoya oNgcwele, futhi ingabe kufanele umthobele, noma ungamlaleli? Ukwenza kwabantu kuveza okuningi ngentando yomuntu kodwa yilokho abantu abahlezi becabanga ukuthi kuvela kuMoya oNgcwele.
10/23/2019
Indlela… (8)
Uma uNkulunkulu eseza emhlabeni ukuzohlanganyela nesintu, ukuhlala naso, akusiyo into yosuku olulodwa noma ezimbili. Mhlawumbe kuso sonke lesi sikhathi abantu banolwazi oluncane noma abangenalo nhlobo ulwazi ngoNkulunkulu, futhi mhlawumbe basanda kwambulelwa kabanzi ngokusebenzela uNkulunkulu, futhi sebegxilile okholweni lwabo kuNkulunkulu.
10/14/2019
Isenzo (4)
Ukuthula nenjabulo engikhuluma ngakho namuhla akufani nalokhu okholelwa kukho nokuqondayo. Ubucabanga ukuthi ukuthula nenjabulo kusho ukujabula usuku lonke, ukungabikho kwezifo noma amabhadi emndenini wakho, ukuhlala uthabile enhliziyweni yakho, ngaphandle kokuba nosizi, nenjabulo engachazeki ngaphakathi kuwe kungakhathaliseki ukuthi injani impilo yakho.
9/08/2019
Kungani uNkulunkulu engasindisi labo abanomsebenzi wemimoya emibi kubo noma labo ababanjwe amadimoni na?
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Labo abebekade benesikhathi bephethwe yimimoya emibi (kusukela ekuzalweni) bonke bazokwambulwa manje. Ngizokuxosha! Usakukhumbula engikushilo? Mina—Nkulunkulu ongcwele futhi ongenakungcola—angihlali ethempelini elibi nelingcolile.
Labo abebekade benesikhathi bephethwe yimimoya emibi (kusukela ekuzalweni) bonke bazokwambulwa manje. Ngizokuxosha! Usakukhumbula engikushilo? Mina—Nkulunkulu ongcwele futhi ongenakungcola—angihlali ethempelini elibi nelingcolile.
9/05/2019
Umuntu angawuthola kanjani umsebenzi kaMoya oNgcwele?
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Umsebenzi kaMoya oNgcwele uyaguquka usuku nosuku, unyukela phezulu isinyathelo ngasinye; isambulo sakusasa singaphezulu kwesanamuhla, isinyathelo ngesinyathelo sikhuphuka sinyukela phezulu njalo.
Umsebenzi kaMoya oNgcwele uyaguquka usuku nosuku, unyukela phezulu isinyathelo ngasinye; isambulo sakusasa singaphezulu kwesanamuhla, isinyathelo ngesinyathelo sikhuphuka sinyukela phezulu njalo.
5/03/2019
Khonza Njengoba Kwenza Ama-Israyeli
Kulezi nsuku, abantu abaningi abazinaki izifundo okufanele zifundwe phakathi nokusebenzisana nabanye. Ngithole ukuthi abaningi kini abakwazi nhlobo ukufunda izifundo phakathi nokusebenzisana nabanye.
4/27/2019
Yazini Intando KaNkulunkulu Nizuze Ukuphelela
Lapho nazi intando kaNkulunkulu, umthwalo wenu usinda ngisho nakakhulu; lapho umthwalo wenu usinda, nesipiliyoni senu sizoba siningi.
12/28/2018
Zulu Gospel Music "Babusisiwe Labo Abemukela Umsebenzi KaNkulunkulu Omusha"
I
Babusisiwe bonke labo abakwazi ukulalela
amazwi amanje kaMoya oNgcwele.
Kungakhathaleki ukuthi babenjani, noma ukuthi iMoya oNgcwele
wayesebenza kanjani phakathi kwabo,
labo abazuze umsebenzi wakamuva
ngababusiswe kakhulu.
11/02/2018
26. UMoya oNgcwele Usebenza Ngendlela Enemigomo
UQin Shuting edolobheni laseLinyi, esiFundazweni saseShandong
Esikhathini eside, yize noma ngangingayekanga ukudla nokuphuza amanzi kaNkulunkulu, kodwa ngangingakaze ngikuzwe ukukhanya. Ngangiye ngakhuleka kuNkulunkulu ngikhulekela lokhu kodwa, kamuva, ngangingakakhanyiseleki.
9/14/2018
IX. Munye Kuphela UNkulunkulu Weqiniso: “Ubuthathu Emunye” Buyigama Elingeyilo
1. Ngemva kokuba abantu sebazi iqiniso lokuthi uJesu waba yinyama baqaphela lokhu: Ezulwini akukho kuphela uBaba, kodwa kuneNdodana, kanye noMoya imbala.
Amalebula:
IZINCWADI,
UMoya Ongcwele,
UNkulunkulu
9/01/2018
2. Yini ukuba uNkulunkulu esimweni somuntu? Yini Umongo kaNkulunkulu esimweni somuntu?
Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
“Futhi uLizwi waba yinyama, futhi wahlala phakathi kwethu, (futhi sabona inkazimulo Yakhe, inkazimulo enjengeyozelwe yedwa kuYise,) egcwele umusa neqiniso” (Johane 1:14).
8/30/2018
UNkulunkulu uqobo waphrofetha ukuthi uNkulunkulu esenyameni ngezikhathi zokugcina uyovela njengeNdodana ukuzokwenza umsebenzi
Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
“Nani-ke manibe nilungile: ngokuba iNdodana yomuntu iyeza ngehora eningalicabangiyo” (Luka 12:40).
“Kepha njengasezinsukwini zikaNowa, kuzoba njalo nokuza kweNdodana yomuntu” (Mathewu24:37).
5/23/2018
Ukubuyisela Impilo Ejwayelekile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo
Umuntu uyaqonda kancane ngomsebenzi wanamuhla nomsebenzi wangesikhathi esizayo, kodwa akaqondi ekupheleni lapho isintu sizongena khona.
Amalebula:
Iqiniso,
ivangeli,
ukuphila kwaphakade,
UMoya Ongcwele
4/17/2018
Who Is My Lord? | Christian Short Film "The Three Self Church Is My Umbrella"
Who Is My Lord? | Christian Short Film "The Three Self Church Is My Umbrella"
One time, the Chinese Communist government captured many Christians of the Church of Almighty God from a particular location late at night. This matter caused a huge commotion locally. It triggered discussions amongst the members of the Three-Self Church. Some people believed that the Eastern Lightning has suffered the Chinese Communist government's cruel suppression and persecution.
1/27/2018
Ingabe Uyazi? UNkulunkulu Wenze Into Enkulu Phakathi Kwabantu
Inkathi endala seyidlulile, futhi inkathi entsha seyifikile. Unyaka nonyaka, usuku nosuku, uNkulunkulu usenze umsebenzi omkhulu. Wafika emhlabeni wabuye wawushiya ngesikhathi esifanele. Umjikelezo onjalo sewuqhubekile ezizukulwaneni eziningi. Kulolu suku, uNkulunkulu uyaqhubeka njengakuqala nokwenza umsebenzi okufanele awenze, umsebenzi okusafuneka awuqedele, ngoba kuze kube namhlanje, akakangeni ekuphumuleni. Kusukela esikhathini sokudala kuze kube namuhla, uNkulunkulu usenze umsebenzi omningi, kodwa bewazi ukuthi umsebenzi uNkulunkulu awenzayo namuhla mningi kunakuqala futhi isilinganiso sawo sikhulu kakhulu?
1/16/2018
Ingabe UZiqu Zintathu Into Ekhona?
Ngemva kokuba abantu sebazi iqiniso lokuthi uJesu waba yinyama baqaphela lokhu: Ezulwini akukho kuphela uBaba, kodwa kuneNdodana, kanye noMoya imbala. Abantu bebelokhu bekholelwa, ukuthi kunalo Nkulunkulu ezulwini: uZiqu zintathu okunguYise, iNdodana, noMoya oNgcwele, bamunye. Bonke abantu banalo mbono othi: uNkulunkulu unguNkulunkulu oyedwa, kodwa owakhiwe yizingxenye ezintathu, lo mbono wabantu osugxilile uveza ukuthi kunoYise, iNdodana noMoya oNgcwele. Lezo zingxenye zontathu zakha uNkulunkulu oyedwa.
12/18/2017
Mayelana neBhayibheli (1)
Kufanele silithathe kanjani iBhayibheli ekukholweni kuNkulunkulu? Lo umbuzo omayelana nomyalo. Kungani sixoxisana ngalo mbuzo? Yingoba esikhathini esizayo uyosabalalisa ivangeli futhi wandise umsebenzi weNkathi Yombuso, futhi akwanele ukumane wazi ukukhuluma ngomsebenzi kaNkulunkulu namhlanje.
Ukuze wandise umsebenzi Wakhe, kubaluleke kakhulu ukuthi ukwazi ukuxazulula imibono yabantu emidala ngokholo kanye nezindlela ezindala zokholo, futhi ubashiye bekholiseke ngokuphelele—ukufika kuleso sigaba kudinga iBhayibheli.
Mayelana neBhayibheli (4)
Abantu abaningi bakholwa ukuthi ukuqonda nokukwazi ukuchaza iBhayibheli kufana nokuthola indlela yeqiniso—kodwa empeleni, Ingabe izinto zicace kanjalo ngempela? Akekho owazi iqiniso leBhayibheli: ukuthi aliyilutho oludlula umbhalo womlando ngomsebenzi kaNkulunkulu, kanye nobufakazi bezigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu zaphambilini, futhi alikuniki ukuqonda izinhloso zomsebenzi kaNkulunkulu. Wonke umuntu oke walifunda iBhayibheli uyazi ukuthi likhuluma ngezigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu ngesikhathi seNkathi Yomthetho kanye neNkathi Yomusa. ITestamente Elidala lilanda umlando ka-Israyeli kanye nomsebenzi kaJehova kusukela ngesikhathi sokudala kuze kube sekugcineni kweNkathi Yomthetho. ITestamente Elisha likhuluma ngomsebenzi kaJesu emhlabeni, osemaVangelini Amane, kanye nomsebenzi kaPawulu; akuyona yini imibhalo yomlando?
Amalebula:
Amazwi KaNkulunkulu USomandla,
ibhayibheli,
Indlela,
ivangeli,
ukubuya kweNkosi uJesu okwesibili,
ukuphila kwaphakade,
UMoya Ongcwele,
umthandazo
12/17/2017
Mayelana neBhayibheli (2)
IBhayibheli futhi libizwa ngokuthi iTestamente Elidala neTestamente Elisha. Niyazi ukuthi “itestamente” kuchaza ukuthini? “Itestamente” eTestamenteni Elidala livela esivumelwaneni sikaJehova kanye nabantu bakwa-Israyeli, ngesikhathi ebulala abantu baseGibhithe futhi wasindisa abakwa-Israyeli kuFaro. Impela, ubufakazi balesi sivumelwano kwabe kuyigazi le wundlu elalibhecwe eminyango, uNkulunkulu amisa ngalo isivumelwano nomuntu, lapho okwathiwa bonke labo ababenegazi lewundlu emakhothameni nasezinsikeni zomnyango kwabe kungama-Israyeli, babengabantu baNkulunkulu abakhethiweyo, futhi bonke babeyosindiswa nguJehova (ngoba uJehova ngaleso sikhathi wayesezobulala wonke amadodana angamazibulo eGibhithe kanye namazibulo ezimvu nezinkomo) Lesi sivumelwano sinamazinga amabili encazelo.
12/01/2017
Lokho Umalusi Ofanelekayo Okufanele Ahlome Ngakho
Kumele uqonde izimo eziningi abantu abayoba kuzo lapho uMoya Ongcwele wenza umsebenzi kubo. Ikakhulukazi labo ababambisanayo ukuze bakhonze uNkulunkulu kumele baze bazibambe kangcono izimo ezilethwe umsebenzi uMoya Ongcwele owenza kubantu. Uma ukhuluma kuphela ngezimo ezihlukahlukene nezindlela eziningi zokungena, kubonisa ukuthi isimo sabantu sisohlangothini olulodwa kakhulu.
Bhalisa ku:
Okuthunyelwe (Atom)